Quick Links

▼

Siyakwamukela Ku Mhlahlandlela Osemthethweni Wokuzulazula Kwi-Webhusaythi.

Siyakwamukela Kulo Mhlahlandlela Osemthethweni Wokuzulazula I-Website

ISIMEMEZELO: LE BHULOGI INGOLIMU LWESI ZULU                                                                          This is the isiZulu Version of the Welcome Blog Post

Sanibonani, uma ufuna inguqulo yesiNgisi, chofoza lapha: https://prayeranswered.online/#blogs          Lena yinguqulo yesiZulu ye-Welcome Blog Post esemthethweni ye-PrayerAnswered.online.          Yonke i-Bhulogi yokuqala ebhalwe ngesiNgisi, siyibhale lapha ngesiZulu ukuze wonke umuntu wase-Mzani Afrika akwazi ukufunda ngolimi lwesiZulu. 

Siyakwamukela Kulo Mhlahlandlela Osemthethweni Wokuzulazula Kwi-Webhusaythi.                      Igama lami nginguSizah, ngibhala ngise Ningizimu Afrika. Ngo-October 2026, emva koku vuselela ngokuphelele i-PrayerAnswered.online ukuze isebenze kunoma ubani emhlabeni, nakunoma iyiphi ifoni, kunoma ngabe ukuphi. 

Uma umusha kuleli bhuku le Bhulogi, le phosti izokuchazela kahle ukuthi iyini le webhusayothi, yenzelwe bani, nokuthi ungawasebenzisa kanjani wonke amakhasi angu-8 okufunda mayelana namakhono edijithali angempela, noma ngabe ukuphi neZwe. Iphinde ikucacisele nokuthi ungalisebenzisa kanjani ikhasi le webhusayithi ngalinye, kungani lidaliwe, nokuthi likusiza kanjani. 

Lena yi-Bhulogi Phosti yokuqala yesi-Zulu, yochungechunge olusha lokuzulazula. Ngemuva kwalo mhlahlandlela wokwamukela, kunomlayezo wamakhasi angu-8 ehlukene achaza ikhasi ngalinye ngokujulile.

                

Smiling African woman in burgundy dress next to laptop showing PrayerAnswered.online website, with gold text in isiZulu saying UYINI / UNGUBANI LO PRAYERANSWERED.ONLINE? WEBSITE UPDATED OCT 2026 - PrayerAnswered.online A Bridge To Global Opportunities                             


I-PrayerAnswered.online yinkundla yokufunda yamahhala yedijithali. Akusona isikimu sokuceba ngokushesha. Lena yindawo yakho nawe njengoba abantu abaningi befunda ukwenza imali ku-inthanethi, ukuthola imisebenzi ekude, nokufunda i-digital marketing.  Ulwazi oluningi luhlakazekile ku-YouTube, ku-Google, nasezifundweni eziningi ezikhokhelwayo. Uma nawe sewukhathele ukusebenzisa i-5GB ukuthola impendulo eyodwa ethembekile. Yiba yingxenye yethu ​​kule-webhusayithi eyodwa futhi elula.
 
Cabanga ngale webhusayithi njengodeda ngendlala wesakhiwo esinezindlu ezingu-8. Awudingi ukuvakashela zonke izindlu ngosuku olulodwa. Vakashela indlu eyodwa ngosuku, ungafunda, futhi ukhule ngokuzimisela. Yonke inkundla itholakala ngesiNgisi nangesiZulu kuma Bhulogi nakuma vidiyo ka YuThubhu. 


 Le Webhusayithi Yenzelwe Bani?

Yakhelwe abantu bomhlaba wonke abane-datha encane kanye nefoni kuphela.
⚫ Uma ungumuntu ofuna umsebenzi ongawusebenza ukwi-inthanethi, le site ingeyakho.
⚫ Uma uzimisele ngokufuna ukufunda i-digital marketing, le site izokusebenzela.
⚫ Uma use-USA  e -UK, nanoma yikuphi eMhlabeni wonke, ufuna izindaba zangempela zase-Mzansi Afrika, le site ingeyakho. Wonke amakhasi enzelwe ifoni futhi angena ngokushesha. 


Ungazulazula Kanjani ku-PrayerAnswered.online?  

Uhambo oluphelele lwamakhasi angu-8 efonini yakho. Uma ubheka phezulu kunamagama ekhasi ngalinye. Uzobona izixhumanisi ezingu-8. Nakhu okusekhasini ngalinye, nokuthi ungazulazula kanjani.


1️⃣ Ikhasi Lasekhaya . . . Home: https://prayeranswered.online/#home . . . Indlu Yokwamukela

Kukhonani:                                                                                                                                            Kunomgomo wakwamukela othi "Yibhuloho Lamathuba Emhlabeni Wonke",  [A Bridge to Global Opportunities], nohlu lwazo zonke ezinye izindlu ezingu ngenhla.

Ungazulazula kanjani:                                                                                                                             Cindezela > ku Home. Gcina esikrinini sakho sasekhaya. Funda konke eze ube nokuqonda ukubaluleka kokwenza iMali ku inthanethi.

Isizathu:                                                                                                                                                  Ngaphambilini abantu bebe fika basheshe bahambe ngemizuzwana eyi-10 ngoba bedidekile, Yingakho siyakhe kabusha le Webhusayithi. i-Home iyakucacisela ngemizuzwana engu-30.

Inzuzo yokuvakasha:                                                                                                                                Uma uqonda i-Home, uhlala isikhathi eside uvakashele amakhasi angu 2 noma 3. Ngokwenza njalo uGoogle ubona isikhathi eside futhi uthumela abantu abaningi ukuthi bazosizakala ngenxa yakho. Ngokuhlala kwazo uphenduka ube yisibusiso kwabaningi, ikakhulukazi kulesimo somnotho, siyazidinga izibusiso ngezenzo zethu ezinhle.


 2️⃣ Ikhasi Elimayelana . . . https://prayeranswered.online/#about . . . Indlu Yendaba

        MAYELANA NATHI                                                                                                                          Ibhuloho Eliya Emakhonweni Ahlukene ngamaphuzu angu-6 alandelanayo:  
  
1. Yenza Imali Ku-inthanethi Mahhala - Qala khona namuhla, 
2. Imikhiqizo Yedijithali Ukuqala Ibhizinisi,
3. Funda amakhono edijithali anenani eliphezulu luntuthuko, 
4. Sebenza ku-inthanethi noma yikuphi usebenzisa ifoni yakho,
5. Umphakathi othembekile emhlabeni wonke - Akukho Mkhawulo Weminyaka,
6. Ukholo kanye namakhono kuzala impumelelo. 

Isizathu:                                                                                                                                                  Abantu abalandeli ama-website, balandela abantu bangempela. Ikhasi le-About likukhombisa ubufakazi bangempela, kanye namathuba.

Inzuzo yokuvakasha:                                                                                                                      Ukwethemba kuletha izivakashi ezivakasha njalo nokwabelana ku-WhatsApp kanti nezigaba ezingu-6, ziletha izindibane ezingapheli, okungabantu bangempela, lokhu kungaba yisiqalo sobungani obusha emhlabeni, obungayishitsha nempilo yakho. Yingakho kubalulekile ukushiya ikhomethi kuwo wonke ama Bhulogi nama vidiyo ka Yuthubhu.


3️⃣ Ikhasi lemikhiqizo Yedijithali . . . Digital Products: https://prayeranswered.online/#digital-products . . . Indlu Yamathuluzi okusebenza ku inthanethi.

Kukhonani: 
Izifundo zamavidiyo zamahhala, amathuluzi ahloliwe, iziqondiso ezisebenzisa i-datha encane. Uzochazeleka kabanzi kwi Bhulogi eqondene nalalikhasi, ozoyithola kwi ndilingana yokusesha, kuyo le Bhulogi.

Ungazulazula kanjani: 
Usuka ekhasini le Home > ucindezele u - Digital Products okhakhayini lwekhasi > Ngokucindezela isihloko esiphezulu esicongweni sizokubeka qathatha kulelokhasi.

Isizathu: 
Sikwenza konke lokhu ukuze sikuvikele ngokuphelele ekuthengeni izifundo zomgunyathi. Sihlole wonke amathuluzi amahhala kuqala ukuze ungachithi ama Gigi akho okugcina, kepha ukwazi ukuzuza nawe. Siyokuthokozela ukuthola imiyalezo yokuphumelela ukwenza iMali ku inthanethi.

Inzuzo ye-Traffic: 
Ilethwa amagama omhlaba, afana nemikhiqizo yedijithali yamahhala, okuyiyo eletha abantu bamazwe omhlaba wonke. Lesi singesinye sezizathu zokushiya ikhomenti ngezansi, okungaba yisiqalo sobuhlobo nabantu bamazwe ahlukene kuyo i-inthanethi.


4️⃣ Ikhasi Lokuzithuthukisa . . . Self-Development: https://prayeranswered.online/#self-development . . . Indlu Yesisekelo

Kukhonani: 
Imikhuba yami yasekuseni esebenza nge-data encane, umqondo ngezinsuku zokusebenza uwedwa ekhaya.

Ungazulazula kanjani: 
Usuka ekhasini le Home > uCindezele ku Self-Development > Khetha okukowodwa namhlanje.

Isizathu: 
Ngafunda ukuthi akukho ikhono le-inthanethi elisebenzayo uma ingqondo yakho ikhathele. Lena yindlu ebaluleke kakhulu. Phuthuma uzozibonela uyofunda incazelo kwi Blog yayo, bese ubuka ne vidiyo ekucaciselayo.

Inzuzo ye-Traffic: 
Ukuzithuthukisa kuseshwa umhlaba wonke nsuku zonke. Leli khasi liletha i-traffic yabantu abahluzekile njengawe futhi ababuyayo nsuku zonke.


5️⃣ Ikhasi Lokuthenga Ku-inthanethi . . . Online Shopping: https://prayeranswered.online/#online-shopping . . . Indlu Yocwaningo

Kukhonani: 
Ucwaningo olukhethekile lwe-wholesale, imikhiqizo ethirendayo emhlabeni jikelele, indlela yokucwaninga ngaphambi kokuthenga. Sizokucushisa ngobuhlakani bamanani ehliswayo.

Ungazulazula kanjani: 
Usuka ekhasini le Home > uCindezele ku Online Shopping > Funda amanothi ocwaningo.

Isizathu: 
Abaningi bayakhohliswa ku-inthanethi. Ngidale lokhu ukukufundisa ucwaningo oluphephile, hhayi ukuthenga ngokushesha. Hambisana nathi, uzozuza okuningi.

Inzuzo ye-Traffic: 
Ucwaningo lokuthenga luletha i-traffic yenani eliphezulu evela e-USA, UK nakamanye amazwe.


6️⃣ Ikhasi Lama-Blogs . . .  https://prayeranswered.online/#blogs . . . Indlu Yokufunda
Kukhonani: 
Yilapho kukhona wonke amakhasi akucacisela ngokuzulazula anaphezulu kuka-8 asebuyekeziwe, kufaka phakathi le phosti yokwamukela.

Ungazulazula kanjani: 
Uma usuka ekhasini le Home > Ciphiza ku Blogs > Chofoza i-phosti eyodwa > Funda ngokugcwele > Yenza isenzo esisodwa ngelanga.

Isizathu: 
Sikuhlelele izifundo ebezihlakazekile endaweni eyodwa, ukuze ungasebenzisi u-5GB usesha ku-Yuthubhu.

Khumbula:
Uma kwenzeka ubona isikrini esimnyama, sicela uciphize ku "Ignore" / "Continue" futhi sizokuyisa ngokuphepha kubhulogi. 


7️⃣ Ikhasi-le-YuThubhu: . . . https://prayeranswered.online/#youtube . . . Indlu Ebonakalayo                 Kukhonani:                                                                                                                                               Isiteshi sami semfundo se-YouTube @Life.University.Online, okufundisa ngesikrini sefoni.

Ungazulazula kanjani: 
Usuka ekhasini le Home  >  Ucindezele kuYouTube > Khetha isiteshi sama-vidiyo > Bukela ku-144p ukonga i-data.
Ukubukela ku-144p konga i-datha.
144p = ikhwalithi ye-vidiyo ephansi kakhulu ku-Yuthubhu / Fay'sibhukhi. Kepha isithombe sifiphele kancane, kodwa umsindo uhlala ucacile.

Isizathu: 
Abanye bafunda kangcono ngokubuka, hhayi ukufunda. Yingakho sicacisa ngokukubonisa ngesiNgisi nangesiZulu.



8️⃣ Xhumana Nathi . . . Contact: https://prayeranswered.online/#contact . . . Indlu Yomphakathi
       Kukhonani: 
       Ifomu elilula lokuxhumana nathi ngokugcwalisa,ubhale kulona izwi lakho nombuzo wakho.

Ungazulazula kanjani: 
Usuka ekhasini le Home > Uciphiza ku Contact > Ikubeke ekhasini lokusithinta > Thumela umlayezo.

Isizathu: 
Ukusebenza ku-inthanethi kudinga isaphothi. Yingakho kumele ungalokothi ube wedwa. Sifundisa izindlela zokuzula uze uyithole imali ku inthanethi.

Konke ukukhula kudinga isikhathi nokuzijwayeza. Kunesiqinisekiso semali engenayo uma ugwalisile wasayina ini, futhi ungalokothi ukhokhe izithembiso zemali esheshayo.


Indlela Yokuthola Inani Eliningi  
Inani Elingenamkhawulo, Hhayi Ukuchofoza Okungenamkhawulo
Esikhundleni sokuchofoza zonke izixhumanisi, yenza lokhu:
Funda i-post eyodwa yokuzulazula ngokuphelele. Namuhla ufunda i-Home.
Khetha isenzo esisodwa. 

Isibonelo: 
"Kusasa ngizochitha imizuzu engu 20 ku-Self Development.
"Buza umbuzo kumazwana. Bhala izwe lakho nalokho ofuna ukukufunda.Yini Elandelayo? Ngemuva kwale Welcome Blog Post, kunezincwadi eziyi-8 ZokuzulazulaLe yi-Welcome Blog Post. 


Izincwadi eziyi-8 ezilandelayo, eziza kuleli sonto, ngayinye izochaza ikhasi elilodwa lewebhusayithi ngokujula:

Post 1: Ikhasi le-Home . . . Kungani Sinalelikhasi

Post 2: Ikhasi le-About . . . Kungani Kumele Wazi Ngalelikhasi.

Post 3: Ikhasi le-Digital Products . . . Amathuluzi Amahhala Asebenza Nge-Datha Encane

Post 4: Ikhasi le-Self-Development . . . Umkhuba Omuhle Wokuzicija Ogcina Ugxilile

Post 5: Ikhasi le-Online Shopping . . . Indlela Yokucwaninga Imikhiqizo Etrendayo Ngokuphepha

Post 6: Ikhasi lama-Blogs . . . Indlela Yokufunda Amakhasi Angu-8 Acacisa Ngale Webhusayithi.

Post 7: Ikhasi le-YouTube . . . Indlela Yokufunda Ngokubuka Efonini Yakho.

Post 8: Ikhasi le-Contact . . . Kungani Umphakathi Ubalulekile Uma Usebenza Ku-inthanethi


South Africa Today. Life and Culture. Indaba Yasekhaya Yabafundi Bomhlaba

I-post ngayinye izoba ngaphezu kwamagama angu-800, enezixhumanisi ezi-2 kuphela, kanye nesithombe esisodwa. 

Mayelana Nombhali
NginguSizah, owaziwa ku-inthanethi ngokuthi PrayerAnswered. 
Umsunguli we-PrayerAnswered.online, ozinze eNingizimu Afrika.
Siyakubongela ngokuba yingxenye yale Growth Gateway.
Shiya amazwana nendawo ovela kuyo, nokuthi yiliphi ikhasi ozolivakashela ngokulandelayo. 

Siyabonga kakhulu.

Uma ufisa ukufunda le Bhulogi ngesi-Ngisi, ciphiza umbhalo oluhlazana.

No comments:

Post a Comment

Thank you for sharing your thoughts. Please keep comments respectful and on topic.